Print this page

Sha'ban

Intethelelo ngobusuku be 15
Engenakubalwa imiphefumulo exolelwa ngu Allah Ta’ala kulobubusuku obubusisekile nobaziwa ngokuthi yi ‘Laylatul Bara’ah [ Ubusuku benkululeko yasemlilweni ].

U Rasulullah SAW wathi,’’Lobu wubusuku bengxenye ya Sha’ban. U Allah Ta’ala ubuka izigqila zaKhe ngalobu busuku, bese exolela lezo ezinxusa ukuthethelelwa abuye ehlisele umusa waKhe kulabo abakhulekela umusa…’’
Ngale kobukhulu balobu busuku, kukhona abazophuthelwa.

U Rasulullah SAW wathi ‘’ Lobu wubusuku obumaphakathi nenyanga ya Sha’ban. U Allah ukhulula kubo inqwaba yabantu eMlilweni. Abaningi ukudlula isibalo soboya bezimvu zesizwe sakwa Kalb- kepha akalokothi aphonse iso kumuntu owenza lokhu okulandelayo:
1. Ombhangqa nabanye onkulunkulu,
2. Onenhlese yobubi enhliziyweni yakhe,
3. Onqamula amafindo obuhlobo bemindeni,
4. Ogqoka izingubo ezifika ngaphansi kwamaqakala,
5. Ongalaleli abazali bakhe,
6. Onomkhuba wokuphuza utshwala.’’

U SHABAN Inyanga engcwele

Yentethelelo, ukuzinikela

Kanye namalungiselelo

Okumele kwenziwe kuloBusuku

Lobusuku kumele busentshensiswe ngenhloso yokuphenduka, i Salah yokwengeza, i Duah, i Durood, ukubuyisela ubuhlobo osebuphelile, kanye nezenzo zobuhle.

Le Dua elandelayo kuyabikwa ukuthi yayifundwa wu Rasulullah SAW ngalobu busuku:

Login to post comments