Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon        twitter web      

Isono Siletha Ukukhathazeka [Sin Brings Unhappiness]

Iningi lethu likholwa ukuthi ubumsulwa, ubuqotho nokulunga kusinciphisela amathuba ethu okunama nokujabula. Sinamathela kumqondo wokuthi, “Uma ngiyeka ukona noma ngihlukana nesono, impilo yami izofana nento emile.”

Okusempeleni, lona umqondo ophansi kakhulu. Isono siletha ukujabula kwesikhashana okudlulayo, uma lokho kujabula sekudlulile, kuba sengathi akuzange kube khona. Kuneqiniso elimile kwaphela: Isono asanelisi, futhi asisoze sasanelisa. Elinye iqiniso lithi: Isono sithatha okuthile kumphefumulo wethu nasenyameni yethu, kancane kancane. Isono esisodwa siholela kwezinye izino ezinhlobonhlobo.

Ukujabula okungapheli akusoze kwatholakala ngaphandle kuku-Nkulunkulu Oyedwa weqiniso. Isono asisoze saba umsuka wenjabulo. Ngakhoke kufanele siqonde ukuthi isono siyimunca kanjami imiphefumjulo yethu kanye nobuthina bethu.

Okokuqala, isono siphundla ukholo lwethu [Imaan] siphinde sisiqhelelanise no-Allah Subhana wa Ta’ala.

i-Sithunywa sika-Allah, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, sithi, “Uma umuntu enza isono, lokho kwakha ibala elingelihle enhlizwiyeni yakhe. Uma eba nokuzisola angabe esaqhubeka naso futhi acele intethelelo, lelo bala liyasuka. Uma umuntu ebuyala esonweni, lelobala liyanda kuze kube inhliziyo yonke inganyelwa amabala angemahle. U-Allah Ta’ala ukhuluma ngakho lokhu kwi-Kur’an athi, “Izinhliziyo zabo zimbozwe ukukhunta ngenxa yezenzo zabo ezingalungile.” [Al Mutaffifin 83:14]

Izono zikhubaza ubudlelwane bethu no-Allah Subhana wa Ta’ala futhi u-Allah ungumsuka wakho konke ukwenama nokujabula. Uma siziqhelenanisa no Allah ikuphi ukujabula esizokuthola?

Ukuqhubeka nokona kwenza ukuthi umuntu agcine eseyinto engenandaba neziyalo nezimfundiso ezakha ukulunga nesimilo. Umphumela walokhu ubonakala ngokuthi singabi nakwenama nakujabula kwizinto esizenzayo zokukholwa [Ibadaah]. Ukukholwa kugcina sekuthatheka ngokuthi kuwumthalo. Uzwa umuntu esethi, “i-Ramadhaan iyadonsa.” Noma athi, “Ama-Rakaat e-Ramadhaan angu twenty, ubusuku bonke, maningi kakhulu.”

Okwesibili, isono sinomthelela ongemuhle kubudlelwano bethu nabantu esisondelene nabo, njengaphakathi kwendoda nomkayo, phakathi kwabazali nezingane, naphakathi kwabantu abalamanayo. Uma abantu ababili benokuzwana ngenxa yokuthanda u-Allah, uma kubanesimo somoya osuqala ukungabimuhle, lokhu kungenxa yesizathu esenziwe omunye kubo. [Sahih Bukhari]

Ucwaningo luyaveza ukuthi ukubakhona kozwano lweqiniso kuholela kwinjabulo nokwenama. Isono sinomthelela ongemuhle odala ungabazane nokungaqondi. Ngokuphazamiseka kobudlelwano, kuphindekuphazamiseke nokwenama kwethu.

Okwesithathu, isono sinciphisa isondlo sethu [a decrease in our livelihood]. Siphila esikhathini lapho ukusweleka kwemisebenzi kusezingeni eliphezulu nokunyuka cishe nsukuzonke kwamanani ezimpahla, ezidingeka nsuku zonke njengokudla nokunye. Kulezimo ezinjengalezi umuntu aphinde enze isono, kuyacaca ukuthi isimo sobunzima siyadlulela, isono sisodwa nje siletha obaso ubunzima. Iningi labantu lidonsa kanzima ekutholeni isondlo esifanele, inxenye yalobo bunzima iqhamuka ngenxa yokwenziwa kwezono. Sonke singathanda ukuthi sithole isondlo esithe ukuba sikhudlwana ezimpilweni zethu, kodwa ukuze kube lula lokhu kuyadingeka ukuthi sinciphise ukona.

i-Hadith ithi: Umuntu uthola ukwehla noma ukuncipha kwesondlo sakhe ngenxa yezono zakhe. [Musnad Imam Ahmed]

Uma izinto zingasahambi kahle siyathanda ukusola abanye abantu kodwa sihluleke ukuzinuka amakhwapha. Esikhathini esiningi siyakugwema ukuhlaziya indlela esiphila ngayo nemiphumela edalwa ilokho kuphila kwethu. Asizimisele ukubuza imibuzo ethi: “Uthi izenzo zami aziyona imbangela yesimo esingesihle engizithola ngikuso?” noma uthi, “Mhlawumbe imikhuba yami engalungile iyona enginciphisela izibusiso nenciphisa isondlo sami?” Imibuzo enjengalena okufanele siqale sizibuze yona uma sizithola sisebunzimeni ngaphambi kokukhomba abanye abantu.

Okwesine, umthelela wesono wenza ukuthi singabi nakweneliseka futhi sibe nokudideka ezimpilweni zethu. Enye yama-Hadith ithi: Isono sidala ukukhathazeka okudalwa ukwesaba ukuthi abantu bangagcina benolwazi ngesono osenzile. [Muslim]

Le-Hadith ichaza ukuthi umuntu uhlale enexhala [an endless state of negative anxiety] njalo ngenxa yesono asenzile.

Isono sishabalalisa ukuthula emqondweni [loss of peace of mind]: “Anginakho ukuphumula kodwa angisitholi isizathu salokhu…” Loluhlobo lokucabanga olucindezelayo lungase lube umphumela wezono esizenzile. Isiboneleo: Ukubuka lokho okungasile nokungenasimilo [viewing of porn and other things with sexual content], okuphuma emilonyeni yethu okungekuhle esikusho ngabanye abantu, [backbiting and slandering] kuqhuba amabhizinisi ethu ngendlela enomgunyathi [fraudulent business practices] okukhubaza abanye abantu.

Isono sidala ukukhathazeka nokungakhululeki ezinhliziyweni zethu.

Okwesihlanu, isono siba isithiyo nesivimbo esenza ukuthi ama-dua [izicelo] ethu angamukeleki ku-Allah.

Kunembongi ethi:

Sibhekisa futhi sicele ku-Allah Subhana wa Ta’ala, ngezikhathi zobunzima.

Kodwa siyakhohlwa ngu-Yena uma izinto zihamba kahle.

Bese sicabanga ukuthi kuzothi uma senza ama-dua ethu kube lula ku-Allah ukuthi amukele lawo ma-dua, ekubeni sivimba ukwamukeleka kwawo ngenxa yokwenza kwethu izono.

Siba nokujabula nokwenama uma ama-dua ethu u-Allah ewamukela. Kuningi okusijabulisayo okwenzeka namhlanje, kodwa ongathola ukuthi isicelo [dua] sakho sasenza kudala. Lokhu kunguphawu olukhombisa ukuthi u-Allah uyazimukela izicelo [dua] zethu. Ngakhoke uma senza isicelo [dua] kepha singamukeleki, lokhu kunguphawu lokuthi kufanele sizinuke amakhwapha ukuthi isizathu kungenzeka ukuthi kungenxa yokuziphatha kwethu.

Imiphumela yesono miningi ngendlela ongeke ukwazi ukuyibala.

· Isono senza ukuthi sibe kude no-Allah Subhana wa Ta’ala.

· Isono sidala imifantu nokungathembani phakathi kwabantu.

· Isono sinciphisa isondlo sethu.

· Isono sishabalalisa ukuthula emqondweni.

· Isono siyisithiyo nesivimbo ezenza ukuthi u-Allah kungabilula ukumukela imithandazo yethu.

· Ngisho okukodwa kulokhu okubalwe ngenhla kunamandla okuphazamisa ukwenama nokujabula ezimpilweni zethu.

· Ngesikhathi u-Allah ethi: Ngokukhumbula u-Allah [dhikr] izinhliziyo zithola ukwenama nokwaneliseka.

“Okusempeleni, labo abangamakholwa, izinhliziyo zabo zithola ukuthula nokunethezeka ku-Allah. Ngempela, ngokukhumbula u-Allah izinhliziyo zithola ukwaneliseka.” [Ar Ra’ad 13:28]

Yonke imisebenzi yokuhlonipha nokulalela ingukukhumbula u-Allah, ngakhoke leyomisebenzi iletha ukwenama nokujabula. Isono singubuthi obuphambene nokuhlonipha futhi umphumela wakho umkhiqizo wokukhathazeka nokucindezeleka emoyeni nakumcabango.

Uma singase sicabange kabanzi ngomthelela wesono ezimpilweni zethu, sizothola ukuthi isono asikho kwinani lokunama nokujabula kwethu. Isono singukujabula kwesikhashana kodwa esikunika isithombe sokuthi ukwenzeka kwaso kuyinto engapheli nengunaphakade.

Login to post comments

Nisab

05/06/2026 08:00

- Mahr Fathimi: R58 450
- Minimum Mahr: R1 169
- Zakaat Nisab: R23 380
Price/g rate: GoldPriceZ

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com

Banking Details

Bank: FNB
Acount Name: Darul Ihsan
Branch: 220329 (Tongaat)
Lillah: 62130045398
Zakaat: 62130044910