Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon        twitter web      

IMPILO ENHLE ILETHA UKWENAMA (Good health leads to Happiness)

Umbiko we-World Happiness ophume ngonyaka ka-2015 uthi ukwenama kuxhumene nesimo sempilo yomuntu. Thina singama-Muslim lokhu akusethusi ngoba uhlelo lwethu lokuphila lwe-Islam luyagcizelela kakhulu ngokunakekelwa kwempilo’

i-Sithunywa sika-Allah, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, uthi, “Qaphela okuhlanu kokuhlanu:
I. Ubusha bakho ngaphambi kokuthi kufike ubudala bakho,
II. Impilo yakho ngaphambi kokugula,
III. Ingcebo yakho ngaphambi kobubha,
IV. Isikhathi sakho esikhululekile ngaphambi kokuthi uxinwe okuthile,
V. Ukuphila kwakho ngaphambi kokufa.” [Al Hakim]

Kulokhu siyatshelwa ngokubaluleka kokunakekela impilo. Ukugula kukhubaza ukuqhubeka nokwenza imisebenzi yethu yansuku zonke. Silahlekelwa amandla okwenza imisebenzi yethu yansuku zonke kuhlangene nemisebenzi yethu yokukhonza u-Allah. Noma siyenza kodwa kungabi ngokugcwele nokuphelele ngenxa yokungavumi komzimba. Isibonelo nje: ngenxa yokugula awukwazi ukwenza i-Salaah yakho ngokugcwele, kufanele uhlale esitulweni ungakwazi ukwenza i-Sajdah ngendlela. Uma kufanele uzile uthole ukuthi ziyakweqa ezinye izinsuku ngenxa yokuthi amandla okuzila awekho ngoba uyagula. Awukwazi ukwenza isihayo [recitation] se-Kur’an. Nokunye okuningi okusalelayo kudalwa ukuba buthakathaka bomzimba.

i-Sithunywa sika-Allah, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, uyasixwayisa ngokubaluleka kokunakekela impilo nokuthi impilo yomuntu iyibhamama [bounty] elivela ku-Allah Subhana wa Ta’ala ngokuthi athi, “Lowo oqala usuku lwakhe ezizwa anelisekile ngesimo esihle sempilo yakhe, anelisekile kwisondlo sakhe sangalolo suku, futhi anelisekile ngomndeni wakhe, lokho kufana nokuthi umhlaba wonke ungowakhe.”
Impilo enhle ibalwe njengokunye kokuthathu okuyibhamama elivela ku-Allah kulesifundo esingenhla. Iyini impilo enhle? Impilo enhle:

• Umzimba ophilile,
• Umqondo ophilile nophapheme,
• Nomphefumulo omsulwa.

Isigaba sokuqala esiholela kwimpilo enhle nemsulwa ukuthi sidle ukudla okuvumelekile futhi okunomsoco [permissible and wholesome]. Ukugwema konke okukhahlaza umzimba njengogwayi, utshwala nezinye izinhlobo zokudla ezingakhiqizwanga ngendlela efanele futhi okunamakhemikhali amaningi [chemical laden foods].

Kunomuntu owaya kudokotela eyozixilonga ngenhloso yokuthola isimo sempilo yakhe, imiphumela yaveza ukuthi unesifo sikashukela. Kuthi uma ezwa lokhu bese ethi, “Lokhu kugijima emndenini wami [echaza ukuthi: bakhona nabanye abanalesifo emndenini wami].” Udokotela naye ngokuntela athi, “Akekho umuntu ogijimayo emndenini wakho [echaza ukuthi: uma unakekela impilo yakho uyaphunyuka kwizifo ezisemndenini wakho].”

Imizimba yethu ixhumene nalokho okusemicabangweni yethu. Ukuba semshikashikeni othile kwenza ukuthi sibe nokujabula futhi lokhu kuhle emizimbeni yethu. Ngokushesha kuthuthukisa isimo semiphefumulo yethu [mood] futhi kusikhulule kwincindezelo yomphefumulo nokhwantalala [depression].

Olunye ucwaningo luyaveza ukuthi ukuzivocavoca [exercise] njalo njalo kuyalenyusa izinga lokwenama kumuntu. Kuthiwa u83% wabantu abathatha amaphilisi avimba ukhwantalala [anti-depressants]akukho hlobo lokuzivocavoca abalwenzayo. Lokhu kuyasicacisela ukuthi uma uzivocavoca nolunye uhlobo lokunyakazisa umzimba mancane amathuba okuhlaselwa ukhwantalala nokucindezeleka komphefumulo nomzimba.

Ukuzivocavoca kunyusa ukuzithemba [self-esteem] kumuntu kuphinde kusinike umqondo wokuphumelela kulokho okufunwa yithi [sense of self-accomplishment]. Kuphinde kuqinise isivikelo semvelo [immune system] sethu, kuphinde kuvuleke indlala ededela uketshezi olwehlisa ukhwantalala [stress hormone] olubizwa ngokuthi i-cortisol, kuphinde kuphume uketshezi olubizwa ngokuthi i-endorphin, olwenza umuntu abe nokujabula.

Konke lokhu kuba nomthelela omuhle kwisimo semiqondo yethu. Uma kukhulunywa ngokuzivocavoca akusho ukuthi sekufanele ugijime umjaho we-marathon noma ukuchitha amahora namahora emajimini ukuze uzuze lokhu okushiwo ngenhla. Ungaqala ngokuthi wenze lokhu okulula okulandelayo:

• Ukuhamba uphefumula ngokuhogela umoya ugcwale amaphaphu ubuye ukhiphe umoya wonke imizuzu ethi ayibe ngamashumi amabili [correct breathing techniques] kuyasiza kakhulu. Kwenze kube umkhuba lokhu okungenani kathathu ngesonto. Kukhona imiphumela emihle ezobakhona ngalokhu.

• Qala ngokuphuza amanzi afudumele njalo ekuseni ungakadli. Lokhu kuqaqa imithambo yakho yegazi ivuleke emva kukoyatha ubusuku bonke ngesikhathi kade ulele.

Ngesikhathi sonke sifisa ukuba imiqemane nokuba nempilo enhle kodwa akukho ukuzimisela ngokubeka isikhathi nemizamo efanele ukuze sifeze lokhu. Sigcina ngokuthi “Ngisazohlela isikhathi”, “Imisebenzi yami noma amabhizinisi ami angixinile”, “Ngizobona uma ngibuya kwi-Umra noma kwi-Hajj.” Kuze kufike ukuguga silokhu sihlehlisa. Uma sesibadala bese silokhu sithi, “ukube lokhu ngakwenza ngisemusha ngabe kungcono kakhulu, manje amadolo ami awasavumi.”

Okufanele sikuvume kuqala ukuthi imizimba yethu siyibolekwe [trust] ngu-Allah Subhana wa Ta’ala, ngakhoke lokhu kuchaza ukuthi lemizimba kufanele siyibheke, siyigcine ikwisimo esilungile ukuze nayo ikwazi ukufeza lokho okudingeka sikwenzile ngayo, okungaba ukukhonza [ibadaah], ukusebenza, ukukhuluma, nokunye okuhle okufanele umzimba ukwenze. Ukugcina umzimba ukwisimo esilungile kungokunye kwemisebenzi yokukholwa [religious duty].

Okwesibili, kufanele sibe nohlelo esizoliklama [design] ngokwethu, oluhambisana neminyaka yomuntu nomuntu olumayelana nalokho esifuna ukufinyelela kuko,

• kungaba ukuhamba usebenzisa izindlela ezithile zokuphefumula imizuzu eyishumi njalo ngosuku,
• ukubhukuda,
• ukugijima [jogging],
• ukuzivocavoca [physical exercise], njalo njalo,
• nokunye ukunyakazisa umzimba okuhlelekile.

Okwesithathu, kufanele singageji kuhlelo esizibekele lona. Ngisho kwiyinyanga ka-Ramadhan lapho umzimba usuke wehlile kumdlandla wokwenza izinto, kodwa akube khona uhlelo oluthile esizobakulo ngenhloso yokugcina umzimba ukwisimo esihle sempilo.

Imikhuba engemihle [bad habits] iyashesha ukuzinza ezimpilweni zethu ngoba ayidingi mandla atheni kodwa ekugcineni iyakhubazeka imizimba yethu. Kodwa imikhuba emihle [good habits] ithatha isikhathi ukujwayeleka futhi esikhathini esiningi akulula ukugcina uhlelo lwayo, kodwa imiphumela yakhona mihle ekugcineni.

Yebo, imizimba yethu nokucabanga [mind] kwethu kuxhumene. Ukusebenza nokunyakazisa umzimba kuyimpilo futhi kwenza sibe ngabahlale benamile. Amathuba okucindezeleka nokuba nokhwantalala ayehla kakhulu. Asinakekele imizimba yethu siphinde sinakekele izimpilo zethu. Lokhu kungeminye yemisebenzi yokukholwa [religious duties].

 

Login to post comments

Nisab

28/07/2026 08:00

- Mahr Fathimi: R47 397
- Minimum Mahr: R948
- Zakaat Nisab: R18 959
Price/g rate: GoldPriceZ

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com

Banking Details

Bank: FNB
Acount Name: Darul Ihsan
Branch: 220329 (Tongaat)
Lillah: 62130045398
Zakaat: 62130044910